NGIPHUMELELE EKUGCINENI
igama lami ngingu
sindisiwe Meyiwa ngihlala eHammarsdale ngokwekhaya likamama wami ngazalwa
mhlazingu 09 ku Nhlolanja ngo 2004. Ngakhula ngihlala endaweni yasenchanga
ngihlala nogogogo .ekukhuleni kwami angilazoi uthando luka mama nobaba .umama ubeyintombazane
ezithandela izinto ubengenaso isikhathi sokuthi anakane nezingane. Kanti ubaba
wami angimazi nhlobo ngeke ngimkhombe ngishongihlangana naye endleleni .
ngamgcina ngifunda ibanga lesibili ukugcina kwami ukuthi ngimbone . ngesikhathi
ngihlala nomama ngehlelwe yizinto eziningi kuze kungenelele ugogo wami . umama
ubehlale engishiya njalo ahambe ayekophuza .kwakuze kufone omakhelwane befonela
ugogo wami esemsebenzini abuye azonglanda . kodwa umama aphinde angithathe .
kwathi ngelinye lamalanga umama engishiyile endlini ngedwa ehambile eyekophuza utshwala ehambe nomuntu
athandana naye . wathi lomuntu uma esebona ukuthi umama usephuzile wabuya weza
endlini wangi nukubeza ngokocansi . kodwa abazali bami abakaze bangitshele
ngALOKHO KUZE KUBE YIMANJE . Ugogo
wagcina esengithathile ngaya kohlala naye naye endaweni yaseNchanga . nomama wagcina esebuyile waya eNchanga .
wafike wathola isoka Elisha ngaba nenhlanhla ngoba lali ngithanda alikaze
lizame ukuwenza into embi kimina . futhi okungijabulisayo ukuthi angikaze
ngilibize isoka elalithandana nomama ngobaba . ngoba name angizange
ngilithokozele ukungalithola ithuba lokuthi ngibize ubaba wami ngobaba . ngoba
ngabe bonke abantu obaba bami . umama
akazange angiyise esikoleni njengoba kade sengihlala naye ngoba ugogo wami
ubesemthemba ukuthi into eyenzeka ngeke isaphinde yenzeke futhi . kuze kwafika ugogo wami wathethisa
umama . wangithatha ugogo wami waya
kongibhalisela esikoleni.ngafike ngafunda ngiyaqala ibanga lokuqala esikoleni
ngonyaka ka 2010 ngineminyaka ewu-6 iminyaka.ngafike ngafunda ngazimisela
ngingakase ngifeyile esikoleni okokuthi ngizophindaIkilasi ngaze ngafisa ukuba
umbhali wesincwadi ngibhala emaphepheni ngiqede ngilifake kwifayela lami
ngingazi ukuthi ngingenzani.ngoba ngangisemncane kakhulu ngineminyaka ewu-9
ngaze ngayofika kwibanga lesithupha ngo 2015 ngineminyaka ewu11.ngaleso
sikhathi ngase ngiqala ukuhlupha ngidelela othisha ngishaye othisha ngamaphepha
ekhanda uma esebhodini ebhala ngixoshwe esikoleni kodwa ngiphinde ngibuyele umasengixolisile
ngithanda ukulwa nabantu nginochuku ngisukela izingane zabantu ngobangazi
ukuthi ngekezingenze lutho vele.kodwa akugcinanga lapho kuphela abangane bami
usli noma-a kwakuyisikhathi sesikole sokuthi kudliwe wafika kimina wathi angi
mame isokisi ngalimama kodwa angibang.nalutho kwathi umasekuyiwa emakhaya thina
saya ngaphandle emtapweni wezincadi sathi sifikakhona kwayiwa kwabhenya
ibhenzini.yavele yangivalela ekhoneni sengindwazile sengihleka abantu endleleni
ngibona izinto ezingekho kwasukelalapho ukubhema kwami ngeze ngayo fika
kwibanga lesi-7 ngo2016 ngafunda kancane bengingasifuni isikole bengibaleka
ngihambe ngiye ukuyobhema.nabangani bami noma nabanye abantu.ngathi ngiqeda nje
ukubhala izivivinyo nganginga thembi ukuthi ngizopha kodwa ngaphasa.kwathi
sekumele ngiye koqala ibanga lesi-8 ngiyekofunda esikoleni esiphesheya esqhopha
mlando ngafika khona angizange ngizizwe ngamukelekile ngazizwa nginga
mukelekile.ngisazizwa umangicabanga ngenxa yokuthi ngangicabanga kakhulu izinto
ezangehlela ngikwibanga lesi6 mhla ngicela umuntu ebengizitshela ukuthi
isihlobo sami . ngimucela imali yokuthi ngihambe nesikole kodwa yena wavele
wathi angilale naye ukuze ngizo kwazi ukuthi ngithole imali yokuthi ngihambe .
nangempela kwenzeka lokho ngoba wathi esefuna okwesibili ngathi cha ngeke ngize
ngisakwazi . wavele wangithuka wathi vele mina ngadlwengulwa ngisemncane
wangithuka ngakho konke okwenzeka kimina . yilapho engathola khona ukuthi
ngempela ngahlukumezeka ngisemncane . ngathi ngiphuma njena esikoleni ngahamba
ngaqala ukubhagwayi ongase ulicabange . kwase kushoda ukuthi ngihlale emgwaqeni
ukuze ngizoba yiphara . ngathi lapho sengibona ukuthi impilo yami ayisahambi
ngendlela ngahamba ngaya kosonhlala kahle ngiyocela ukuba ngihlale ekhaya
lezintandane . nangempela bangitholela indawo yakwanyuswa engingazane
ngiyithokozele ukuba kuyona . ngoba kunezizathu eziningi ngaphindela ekhaya
ngaqala maphansi nempilo yami yobu phara . kwaze kwafika osonhlalakahle
okwesibili sebezongilanda ngiyiswa kwenye indawo . lendawo engayiswa kuyona
ifana nezulu iyisibusiso kimi nakwabazali bami ngoba ngisho ekhaya abafuni
ngiphume kuyona ngenxa yokuthi inosizo,kukhonzwa unkulunkulu kakhulu kuyafunda
inayo yonke into ongase wicabange .lendawo inomama nobaba nosisi nawo wonke
umuntu ongase umcabange . ingisizile ngakwazi ukuthi ngihlukane nezidakamizwa
ngifunde njengoba sengiphumelela ukuba umbhali wezincwadi . noma inganoma
yisiphi isihloko ngingakwazi ukuthi ngiyibhale . iphe nobhuti wami amathuba
okuba adlale imidlalo .udlala ibhola lezinyawo Kanye ne bhola lombhoxo maningi
kakhulu amathuba abasinikeze wona elungisisa indlela village . uyahamba ubhuti
wami ngo mhlaka 7 kuNhlaba ngo2019 uyaphesheya uyodlala . ngiyabonga eLungisisa
indlela Village kubaphathi Kanye no thisha bami nomama abangiphe uthando
nemfudumalo bathwala kanzima ngempilo yami .inhloso yami yokubhala lencwadi
bekuwukukhuthaza abantu ukuthi noma ngabe uvelelwa yini ungayeki ukuthi ufeze
amaphupho akho qhubeka uthandaze umthandazo ubalulekile kakhulu.
No comments:
Post a Comment